Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.
UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo , izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo , abusise wonke umsebenzi wesandla sakho ; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo.