UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase , wathi: Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.
Igama lo wesibili waliqamba ngokuthi u -Efrayimi, wathi: Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.
Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho.
UNebukadinesari, inkosi yaseBabel e ungidlile wangiqeda ; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrako ; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangixosha.
Ephezulu ungithumele umlil o emathanjeni ami , wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha , wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.