USamuweli wathi kuSawule : Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na ? USawule waphendula wathi : Ngihluphekile kakhulu , ngokuba amaFilisti ayalwa nami ; uNkulunkulu ungishiyile , akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.
Kepha iSiyoni lithi: UJehova ungishiyile, iNkosi ingikhohliwe.
Wena ungishiyile, usho uJehova, wabuyela emuva; ngiselulele isandla sami kuwe, ngakuchitha; sengikhathele ukuhawukela.
Kepha uMarta ekhathazekile ukusebenza okuningi waya kuye, wathi: Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu ungishiyile , ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize.