Phuthuma, ungisize, Nkosi, nsindiso yami.
Kepha wena Jehova mawungabi kude, wena mandla ami, shesha ungisize.
Thatha ihawu nesihlangu, uvuke, ungisize.
Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule ; Jehova, mawuphuthume ungisize.
Nkulunkulu, phuthuma ungikhulule. Jehova, phuthuma ungisize.
Nkulunkulu, ungabi kude nami; Nkulunkulu, phuthuma ungisize.