wathi: Ake ungivumele ukuba ngihambe , ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini ; umfowethu ungiyalile ; manje-ke, uma ngifumene umusa emehlweni akho , mangihambe ngibone abafowethu . Ngalokho akafikanga etafuleni lenkosi.
Usho kanje uKoresi , inkosi yasePheresiya , uthi: U Jehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba ; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda . Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.
Usho kanje uKoresi inkosi yasePheresiya , uthi: UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba ; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda.