Wamyala ophambili, wathi: Nxa u -Esawu umfowethu ehlangana nawe , ekubuza ethi: Ungokabani wena? Uyangaphi na? Ngezikabani lezi eziphambi kwakho na?
UDavide wathi kuye : Ungokabani na ? Uvelaphi na ? Wathi: Ngiyinsizwa yaseGibithe, inceku yomAmaleki , kepha inkosi yami yangishiya , ngokuba sekuyizinsuku ezintathu ngigula.