UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami ; ngizakwesaba bani na ? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?
Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,
Isibani somzimba siyiso lakho ; nxa iso lakho liphilile , umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.
Njalo-ke uma umzimba wakho wonke ungukukhanya ungenandawo emnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso. UJesu usola abaFarisi nezazimthetho (Math. 23:23)
uzethembile wena ukuthi ungumholi wezimpumputhe , ungukukhanya kwabasebumnyameni,
Nanti izwi esalizwa kuye , sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.