ULabani wayesethi kuJakobe: Lokhu ungumfowethu, ubuzakungisebenzela ngeze na? Ngitshele ukuthi umvuzo wakho uyakuba yini na?
Wozani sithengise ngaye kwabakwa -Ishmayeli, isandla senu singabi phezu kwakhe, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu. Abafowabo bamlalela.
Abafowabo bakanina base bekhuluma ngaye ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi onke lawo mazwi ; izinhliziyo zabo zathanda ukumlandela u - Abimeleki, ngokuba bathi: Ungumfowethu.
Zase zibhinca izindw angu zamasaka ezinkalweni zazo , nezintambo emakhanda azo, zaya enkosini yakwa-Israyeli, zathi: Ithi inceku yakho uBeni Hadadi: Ake ungiyeke , ngiphile. Yayisithi: Usekhona na ? Ungumfowethu yena.