Induna yekhulu ikuzwile yaya enduneni yenkulungwane, yabika yat hi: Usuzakwenzani na, ngokuba lowo muntu ungumRoma?
Induna yenkulungwane yayisifika, yathi kuye: Ngitshele, wena ungumRoma na? Yena wathi: Yebo.
Ngakho basuka kuye masinyane abase bezakumhlola ; kepha induna yenkulungwane yesaba, isiyazi ukuthi ungumRoma nokuthi ibimbophile.