Ubonile wena ; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wen a ukuze ukubeke esandle ni sakho ; othithibeleyo uyazinikela kuwe ; wena ungumsizi wentandane.
Noma ngihlupheka , ngimpofu, iNkosi iyanginaka ; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.
Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami; iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami.