Kwathi ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu u -Eliya umprofethi wasondela, wathi: Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi wena unguNkulu nkulu kwa -Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile konke lokhu ngezwi lakho.