Skip to Content

"unjalo"

21 occurrences in ZUL

Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali , ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.

Njengecici legolide nesivunulo segolide elicwengekileyo , unjalo umsoli ohlakaniphileyo endlebeni elalelayo.

Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula kodwa, unjalo umuntu ozidumisa ngesipho angasiphiyo.

Njengamanzi aqandayo emphefumulweni owomileyo , unjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude.

Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakaleyo , unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.

Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange , unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.

Njengobopha itshe endwayimaneni, unjalo onika isiwula udumo.

unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe , ethi: Angithi ngintelile nje na?

Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni , unjalo umuntu ophikisa ukuvusa inkani.

Njengenyoni esuka ibaleka esidlekeni sayo, unjalo umuntu obalekele indawo yakhe.

Njengengoyama ebhongayo nebhere elihahayo, unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.

Manje bheka, wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibithe ; kepha uma umuntu ezimelela ngalo , luyakungena esandleni sakhe, lusihlabe; unjalo uFaro inkosi yaseGibithe kubo bonke abamethembayo.

Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.

Ngiduduzile, ngawuthulisa umphefumulo wami ; njengomntwana olunyuliweyo kunina , njengolumulekileyo, unjalo umphefumulo wami phakathi kwami.

Unjalo yena ongena kumkamakhelwane : akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.

Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube , unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.

Njengomapula phakathi kwemithi yasehlathini , unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana . Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.

Bheka, wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibithe ; kepha uma u muntu ezimelela ngalo , luyangena esandleni sakhe , lusihlabe; unjalo uFaro inkosi yaseGibithe kubo bonke abamethembayo.

Intendele efukamela ingazalanga , unjalo owenza ingcebo ngokungalungi ; iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe, abe yisiwula ngasekugcineni.

Wayesethi: Unjalo umbuso kaNkulunkulu ; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini,

Ngokuba njengomzimba umunye , kepha unezitho eziningi , nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.