Skip to Content

"unokuphila"

5 occurrences in ZUL

Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade ; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila , kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Ozwa izwi lami , akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade ; akayi ekwahlulelweni , kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.

Odla inyama yami , aphuze igazi lami , unokuphila okuphakade ; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.

Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.