Ngalolo suku , usho uJehova Sebawoti , isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka , sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe, ngokuba uJehova ukhulumile.
Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe , amahloni ayakukusibekela, unqunywe kuze kube phakade.