UPhashuri indodana ka -Imeri umpristi owayengumbonisi omkhulu endlini kaJehova wamuzwa uJeremiya eprofetha ngalezo zinto.
UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.
Kwathi ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya esitokisini . UJeremiya wayesethi kuye: UJehova akabizanga igama lakho ngokuthi u Phashuri kepha uMagori Misabibi.
Izwi elafika kuJeremiya , livela kuJehova, ekuthumeni kwenkosi uSedekiya uPhashuri indodana kaMalikhiya noZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, kuye ethi: