Skip to Content

"uphuma"

11 occurrences in ZUL

Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho , bese wubona amahhashi , nezinqola, nabantu abaningi kunawe , ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.

Lapho uphuma impi ukuhlasela izitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho azinikela ezandleni zakho, uzithumbe,

Ngokuba mhla uphuma, uwele umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho.

Inkosi yayisithuma yambiza uShimeyi , yathi kuye : Angithi ngikufungisile uJehova, ngaqinisa kuwe ukuthi: Mhla uphuma uye nomaphi, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa, na? Wathi kimi: Izwi engilizwileyo lihle.

Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe ; nxa uphuma unyampuza enyongweni, abesehlelwa yingebhe.

Wayesethi uJeremiya kuSedekiya : Usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: U ma uphuma nokuphuma , uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, umphefumulo wakho uyakuphila , futhi lo muzi awuyikushiswa ngomlilo, uphile wena nendlu yakho;

Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengok uphuma ukuya ekuthunjweni.

Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe , ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.

UNkulunkulu uvela eThemani , oNgcwele uphuma entabeni yasePharanu . Sela Udumo lwakhe lusibekela amazulu, nomhlaba ugcwele indumiso yakhe.

uma umsebenzi womuntu usha , uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.

Ngokukholwa uJosefa esezakufa wakhuluma ngok uphuma kwabantwana bakwa-Israyeli, wayaleza ngamathambo akhe.