uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo , izinkabi, noma izimvu, noma iwayini , noma uphuzo olunamandla , noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo , udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho;
Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla , ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Wo kubona abavuka ekuseni , ukuze balandele uphuzo olunamandla , balibale kuze kuhlwe, bashe iwayini!
Wo kubona abangamaqhawe ngokuphuza iwayin i namadoda anamandla ngokuxubanisa uphuzo olunamandla,
Akusikho okwamakhosi , Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,
Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla nomunyu enhliziyweni iwayini.
Iwayini liyisideleli , uphuzo olunam andla lungumxokozeli ; bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.
Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo ; uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.
Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula , nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu , ikhulume okupha mbene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe nephango , nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.