Skip to Content

"uraheli"

27 occurrences in ZUL

Wathi kubo : Usahlezi kahle na ? Bathi: Uhlezi kahle . Nangu uRaheli indodakazi yakhe; uyeza nezimvu.

Esakhuluma nabo, uRaheli wafika nezimvu zikayise, ngokuba wayezalusa.

Kwathi uJakobe ebona uRaheli indodakazi kaLabani uninalu me nezimvu zikaLabani uninalume , uJakobe wasondela , wasusa itshe emlonyeni womthombo, waziphuzisa izimvu zikaLabani uninalume.

UJakobe wamanga uRaheli, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

UJakobe wayesemtshela uRaheli ukuthi ungumfowabo kayise nokuthi uyindodana kaRebeka; wagijima, watshela uyise.

Amehlo kaLeya ayebuthakathaka , kepha uRaheli wayemuhle ngesimo , ebukeka kahle.

UJakobe wamthanda uRaheli ; wathi: Ngizakukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.

UJakobe wayesesebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa ; yayisemehlweni akhe njengezinsuku eziyingcosana nje ngenxa yokumthanda kwakhe.

UJakobe wenze njalo , waqeda isonto lakhe ; wamupha uRaheli indodakazi yakhe, abe ngumkakhe.

ULabani wanika indodakazi yakhe uRaheli incekukazi yakhe uBiliha , abe yincekukazi yakhe.

Wangena nakuye uRaheli , wathanda uRaheli kakhulu kunoLeya ; wayesesebenza kuye eminye iminyaka eyisikhombisa. Amadodana okuqala kaJakobe

UJehova ebona ukuthi uLeya uyazondwa , wavula isizalo sakhe ; kepha uRaheli wayeyinyumba.

URaheli esebonile ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana , uRaheli waba no mhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe : Ngiphe abantwana , funa ngife.

Intukuthelo kaJakobe yayisivuthela uRaheli , wathi: Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu okwenqabele isithelo sesizalo na?

Wayesethi uRaheli : UNkulunkulu ungahlulele , futhi wezwa izwi lami : wangipha indodana, ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uDani.

URaheli wathi : Ngokubambana ngibambene nodadewethu ngamandla kaNkulunkulu, ngamahlula, waqamba igama layo ngokuthi uNafetali.

Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora endle, wawayisa kunina uL eya. URaheli wayesethi kuLeya : Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.

Wathi kuye : Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na ? Usuyakuthatha namamandragora endodana yami na ? URaheli wathi : Ngalokho uzakulala nawe ngalobu busuku ngamamandragora endodan a yakho.

UNkulunkulu wamkhumbula uRaheli , uNkulunkulu wamuzwa , wavula isizalo sakhe.

Kwathi uRaheli esemzalile uJosefa , uJakobe wathi kuLabani : Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami ezweni lakithi.

ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe , uRaheli weba izithixo zikayise.

Kepha lowo ozakuthola kuye izithixo zakho akayikusinda ; qaza phambi kwabafowethu okwa kho okukimi , ukuthathe. Ngokuba uJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayezebile.

URaheli wayezithathe izithixo , wazifaka esihlalweni sekamela , wahlala phezu kwazo. ULabani waphumputha etendeni lonke, kepha akazitholanga.

Base besuka eBethele ; kwakuse yibangana ukuya e -Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.

Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.

Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe ; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa.

Usho kanje uJehova , uthi: Izwi liyezwakala eRama , ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe ; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.