Skip to Content

"usamuweli"

86 occurrences in ZUL

uJehova wambiza uSamuweli; wathi yena: Ngilapha.

Kwathi sesiphelele isikhathi , uHana wakhulelwa, wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uSamuweli, ethi: Ngimcelile kuJehova.

USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni.

UJehova wamhambela uHana; wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.

Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula , waba muhle kuJehova nakubantu. Izwi lokwahlulela indlu ka-Eli

Umntwana uSamuweli wamkhonza uJehova phambi kuka -Eli. Izwi likaJehova lalingavamile ngalezo zinsuku; nombono wawuyivelakancane.

isibani sikaNkulunkulu sasingakacimi , uSamuweli elele ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu,

UJehova waphinda wambiza uSamuweli . USamuweli wavuka, waya ku-Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile . Wathi: Angikubizanga, ndodana yami; buya ulale.

Kepha uSamuweli wayengakamazi uJehova , nezwi likaJehova lalingakambulelwa kuye.

UJehova wambiza uSamuweli ngokwesithathu. Wavuka, waya ku-Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile. U-Eli wayeseqonda ukuthi nguJehova ombizile umntwana.

U-Eli wathi kuSamuweli : Hamba, ulale; kuyakuthi uma ekubiza , usho ukuthi: Khuluma, Jehova, ngokuba inceku yakho iyezwa . Wayesehamba uSamuweli, walala endaweni yakhe.

UJehova wafika , wema, wambiza njengakwe zinye izikhathi : Samuweli, Samuweli! USamuweli wathi: Khuluma, ngokuba inceku yakho iyezwa.

USamuweli walala kwaze kwasa , wavula iminyango yendlu kaJehova . USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.

U-Eli wayesembiza uSamuweli , wathi: Samuweli, ndodana yami ! Wathi: Ngilapha.

USamuweli wayesemtshela konke , akamfihlelanga lutho . Wathi: NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe.

USamuweli wakhula ; uJehova wayenaye ; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe.

Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumprofethi kaJehova.

USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka -Israyeli, wathi: Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no- Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova , nimkhonze yena yedwa ; uyakunophula esandleni samaFilisti.

USamuweli wathi : Buthani wonke u -Israyeli eMispa ; ngiyakunikhulekela kuJehova.

Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku , bathi khona : Sonile kuJehova . USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa. Ukwahlulwa kwamaFilisti

USamuweli wathatha iwundlu elincelayo , wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova ; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova ; uJehova wamphendula.

USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli.

USamuweli wathatha itshe , walimisa phakathi kweMispa neSheni , waqamba igama lalo ngokuthi i -Ebeni Ezeri, ethi: Kuze kube manje uJehova usisizile.

Imizi amaFilisti ayeyithathile ku -Israyeli yabuyiselwa ku -Israyeli, kusukela e-Ekroni kuze kube seGati; umkhawulo wayo u-Israyeli wawophula esandleni samaFilisti. Kwaba khona ukuthula phakathi kuka-Israyeli nama-Amori. USamuweli ungumahluleli

USamuweli wahlulela u-Israyeli zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.

Kwathi uSamuweli esemdala , wabeka amadodana akhe abe ngabahluleli phezu kuka-Israyeli.

Kepha leyo nto yaba mbi emehlweni kaSamuweli , lapho bethi: Siphe inkosi ukuba isahlulele. USamuweli wayesekhuleka kuJehova.

USamuweli wabatshela abantu abacela kuye inkosi onke amazwi kaJehova.

USamuweli wezwa onke amazwi abantu , wawalanda ezindlebeni zikaJehova.

UJehova wathi kuSamuweli : Lalela izwi labo , ubanike inkosi. USamuweli wathi kubantu bakwa -Israyeli: Hambani niye , kube yilowo nalowo emzini wakini.

Benyukela emzini; besangena emzini, bheka, uSamuweli waphumela kubo ukuyakwenyukela endaweni ephakemeyo.

UJehova wayemambulele uSamuweli ngayizolo, uSawule engakafiki, ethi:

USamuweli esembonile uSawule , uJehova wa thi kuye : Nangu umuntu engakhuluma ngaye kuwe, ngathi: Lo uyakubusa abantu bami.

USamuweli wamphendula uSawule, wathi: Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwam i, uye endaweni ephakemeyo , ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa , ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho.

USamuweli wamthatha uSawule nenceku yakhe , wabangenisa endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni engumqoka phakathi kwabam enyiweyo, kungathi abangamashumi amathathu.

USamuweli wathi kumpheki: Letha isabelo engakunika sona en gasho kuwe ngaso ukuthi: Sibeke ngakuwe.

Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi , njengalokho ngit he ngimemile abantu . USawule wayesedla noSamuweli ngalolo suku.

Bavuka ekuseni ; kwathi kusantwela , uSamuweli wabiza uSawule esophahleni lwendlu, wathi: Vuka ukuba ngikumukise. Wayesevuka uSawule, baphuma bobabili, baya phandle, yena noSamuweli.

Besehlela ngasekugcineni komuzi , uSamuweli wathi kuSawule: Yisho kuyo inceku ukuba idlule phambi kwethu -- yadlula-ke -- kepha yima wena manje ukuba ngikuzwise izwi likaNkulunkulu.

USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha , wawathela ekhanda lakhe , wamanga, wathi: Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi wefa lakhe na?

Uyisekazi kaSawule wathi: Ake ningitshele: Utheni kini uSamuweli na?

USawule wathi kuyisekazi : Usitshele impela ukuthi izimbongolo zitholiwe . Kepha indaba yombuso akhuluma ngayo uSamuweli akamtshelanga yona. Inkosi ibekwa eMispa

USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa;

USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini.

USamuweli wathi kubo bonke abantu : Mbhekeni amkhethileyo uJehova ukuthi akakho onjengaye kub antu bonke. Base bekhamuluka abantu bonke , bathi: Mayime njalo inkosi.

USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso , wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova . USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo.

USamuweli wayesethi kubantu: Wozani siye eGiligali, sibuye sivuse umbuso khona.

USamuweli wathi kuye wonke u-Israyeli: Bhekani, ngilalele izwi lenu kukho konke enikushiloyo kimi, ngibekile inkosi phezu kwenu.

USamuweli wathi kubantu : NguJehova, yena owabeka oMose no -Aroni nowakhuphula oyihlo ezweni laseGibithe.

USamuweli wayesekhuleka kuJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli.

USamuweli wathi kubantu : Ningesabi; impela nenzile konke lokho okubi ; kepha ningaphambuki ekumlandeleni uJehova , kodwa mkhonzeni uJehova ngayo yonke inhliziyo yenu;

Wahlala izinsuku eziyisikhombis a njengesikhathi esimisiwe nguSamuweli , kepha uSamuweli akafikanga eGiligali; abantu bahlakazeka kuye.

Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokush iswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukuba ambingelele.

USamuweli wathi : Wenzeni na ? USawule wathi : Njengokuba ngabona ukuthi abantu bahlakazekile kimi , nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthene eMikimashi,

USamuweli wathi kuSawule : Wenze ngobuwula , awugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo , ngokuba uJehova ubeseyakuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade.

USamuweli wayesesuka , wakhuphuka eGiligali , waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala abantu abafumaniseka bekuye , kungathi abantu abangamakhulu ayisithupha.

USamuweli wathi kuSawule : UJehova wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; ngalokho lalela amazwi kaJehova.

Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi , ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami . USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.

USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni ; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.

USamuweli wafika kuSawule ; uSawule wathi kuye : Mawubusiswe nguJehova; sengifezile izwi likaJehova.

USamuweli wayesethi: Kuthini, pho, lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkabi engikuzwayo, na?

USamuweli wayesethi kuSawule : Kahle, ngikutshele lokho uJehova akukhulumile kimi kulobu busuku. Wathi kuye: Khuluma.

Wathi uSamuweli : Nakuba wawumncane emehlweni akho , awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa -Israyeli na ? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.

USamuweli wathi : UJehova uyenamela yin i iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwe zwi likaJehova , na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo , nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.

USamuweli wathi kuSaw ule: Angiyikubuya nawe, ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye uJehova ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi phezu kuka-Israyeli.

USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe , yaklebhuka.

USamuweli wathi kuye : UJehova uklebhul ile umbuso ka -Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.

USamuweli wabuya, wamlandela uSawule; uSawule wakhuleka kuJehova. OSamuweli no-Agagi

USamuweli wayesethi: Lethani kimi u-Agagi inkosi yama-Amaleki. U-Agagi wafika kuye esasile. U-Agagi wathi: Impela umunyu wokufa udlulile.

USamuweli wathi : Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye . USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.

USamuweli waya eRama , kepha uSawule wakhuphukela ekhaya eGibeya likaSawule.

USamuweli akaphindanga ukumbona uSawule waze wafa , kepha uSamuweli wamkhalela uSawule ; uJehova wazisola ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kuka-Israyeli.

Wathi uSamuweli : Ngingahamba kanjani ? Uma uSawule ekuzwa , uyakungibulala. UJehova wathi: Hamba nesithokazi, uthi: Ngize ukuhlabela uJehova.

USamuweli wenza lokho akushoyo uJehova , waya eBetlehema . Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: Ukufika kwakho kunokuthula na?

UJese w adlulisa ayisikhombisa kumadodana akhe phambi kukaSamuweli. USamuweli wathi kuJese: UJehova akawakhethanga nalawa.

USamuweli wathi kuJese : Sebephelile abafana na ? Wathi: Kusasele omncane; bheka, uyalusa izimvu . USamuweli wathi kuJese : Thumela umlande, ngokuba asiyikubuya, engakafiki lapha.

USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha , wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehl ela phezu kukaDavide ngamandla , kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama. UDavide uya endlunkulu

USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide ; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha , uSamuweli emi engumholi wabo , uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.

USamuweli wafa ; wahlangana wonke u -Israyeli, wamlilela, wammbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wasuka, wehlela ehlane lasePharanu.

USamuweli wayesefile ; wonke u -Israyeli wamkhalela , wammbela eRama umuzi wakhe . USawule wayexoshile ezweni abanamadl ozi phakathi kwabo nabathakathi.

Wayesethi owesifazane : Ngiyakukwenyusela bani na ? Wathi: Ngenyusele uSamuweli.

Lapho owesifazane embona uSamuweli , wamemeza ngezwi elikhulu ; owesifazane wakhuluma noSawule , wathi: Ungikhohliseleni na ? Ngokuba unguSawule.

USamuweli wathi kuSawule : Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na ? USawule waphendula wathi : Ngihluphekile kakhulu , ngokuba amaFilisti ayalwa nami ; uNkulunkulu ungishiyile , akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.

USamuweli wathi : Pho, ubuzelani kimi , lokhu uJehova esesukile kuwe , waba yisitha sakho, na?

kanye nakho konke uSamuweli umboni , noSawule indodana kaKishi , no- Abineri indodana kaNeri , noJowabe indodana kaS eruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile , kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.

OMose no -Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe ; uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni l akhe. Bakhuleka kuJehova , yena waphendula.