Skip to Content

"useti"

5 occurrences in ZUL

U-Adamu wabuye wamazi umkakhe ; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti , ethi: UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika - Abela, njengokuba uKayini umbulele.

Naye uSeti wazala indodana , wayiqamba igama layo ngokuthi u -Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.

U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.

USeti wahamba iminyaka eyikhulu nanhlanu, wazala u-Enoshe.

Emva kokuzalwa kuka -Enoshe uSeti wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi.