Ungabi namawala ngomlomo wakho , nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini , wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.
Wehlela entabeni yaseSinayi , wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;
Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha ; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.
Kepha sebephumulile , babuye benza okubi ebusweni bakho ; wawusubashiya esandleni sezitha zabo , zaze zabusa phezu kwabo ; kodwa lapho bebuye bekhala kuwe , wena wabezwa usezulwini , wabophula kaningi ngomusa wakho omkhulu,
Namanje bheka , ufakazi wami usezulwini ; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.
Nkulunkulu Sebawoti, mawubuye; bheka usezulwini, ubone, unakekele lo mvini,
Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.
Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho : kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na ? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.