"ushafani"
8 occurrences in ZUL
Kwathi ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya inkosi yathuma uShafani indodana ka -Asaliya kaMeshulamu , umbhali, endlini kaJehova, yathi:
UHilikiya, umpristi omkhulu, wathi kuShafani umbhali: Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova . UHilikiya wanika uShafani leyo ncwadi, wayifunda.
UShafani umbhali waya enkosini, waletha umbiko enkosini, wathi: Izinceku zakho zithululile imali eyafunyanwa endlini , zayibeka esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova.
UShafani umbhali wayitshela inkosi , wathi: UHilikiya umpristi unginike incwadi. UShafani wayifunda phambi kwenkosi.
Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kwakhe esehlambululile izwe nendlu , wathuma uShafani, indodana ka -Asaliya, noMahaseya umbusi womuzi, noJowa indodana kaJowahazi , umabhalana, ukuba bayilungise indlu kaJehova uNkulunkulu wakhe.
UHilikiya wathatha wathi kuShafani umbhali : Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova. UHilikiya wayinika uShafani incwadi.