"usiba"
9 occurrences in ZUL
Inkosi yayisithi : Akusekho endlini kaSawule noyedwa engingamenzela umusa kaNkulunkulu na ? USiba wathi enkosini : UJonathani usenendodana elunyonga ngezinyawo.
Yathi inkosi kuye: Iphi na? USiba wathi enkosini: Bheka, isendlini kaMakiri indodana ka-Amiyeli eLo Debari.
Inkosi yayisimbiza uSiba inceku kaSawule , yathi kuye: Konke okukaSawule nokwendlu yakhe yonke ngikunike indodana yenkosi yakho.
Uyakumlimela umhlabathi , wena namadodana akho nezinceku zakho , uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla , kepha uMef ibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami . USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.
USiba wathi enkosini : Njengakho konke inkosi yami , inkosi, eyale ngakho inceku yayo, iyakwenze njalo inceku yakho. UMefibosheti uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi.
UDavide esedlulile kancane isiqo ngo sentaba , bheka, kwamhlangabeza uSiba inceku kaMefibosheti enezimbongolo ezimbili eziboshelweyo , zithwele izinkwa ezingamakhulu amabili , nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa eziyikhulu zamakhiwane, nemvaba yewayini.
Inkosi yathi ku Siba: Uthini ngalezi zinto na ? Wathi uSiba: Izimbongolo zingezokukhwelwa ngabantu bendlu yenkosi , izinkwa nezithelo zingezokudliwa, newayini lingelokuphuzwa ngabayethileyo ehlane.