"usimoni"
30 occurrences in ZUL
UJesu ehamba ngaselwandle lwase Galile wabona izelamani ezimbili , uSimoni othiwa uPetru no -Andreya umfowabo , bephonsa inetha elwandle ; ngokuba babe ngabadobi.
Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka- Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. UJesu esesiphambanweni (Math. 27:33; Luk. 23:26; Joh. 19:17)
USimoni waphendula wathi : Nkosi, sishikile ubusuku bonke , asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.
Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho , waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.
uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru , no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu,
ukuba nidle , niphuze etafuleni lami embusweni wami ; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. USimoni Petru uyaxwayiswa (Math. 26:31; Mark. 14:27; Joh. 13:36)
Kwathi bemuka naye , babamba uSimoni waseKhurene evela endle , bamthwesa isiphambano ukuba asithwale emva kukaJesu.
yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni , wathi kuye : Simfumene uMesiya, okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.
USimoni Petru wathi kuye : Nkosi, uya ngaphi na ? UJesu waphendula wathi: Lapho ngiya khona , ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.
USimoni Petru enenkemba wayihosha , wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku lalinguMalkusi.
USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu;
Kepha uSimoni Petru wayemi otha . Bathi-ke kuye: Imbala nawe awusiye owabafundi bakhe na? Waphika yena, wathi: Angisiye.
USimoni Petru wathi kubo: Ngiya kodoba. Bathi kuye: Nathi sihamba nawe. Base bephuma , bangena emkhunjini ; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho.
Khona lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru : YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa elwandle.
Wasuka uSimoni Petru , walihudulela emhlabathini inetha . Ligcwele izinhlanzi ezinkulu , ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu ; noma zingako, inetha alidabukanga.
Naye uSimoni wakholwa ; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo.
Kepha uSimoni , ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo,
USimoni wayesephendula ethi : Nginxuseleni nina eNkosini , ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.