Skip to Content

"usisera"

11 occurrences in ZUL

Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini , nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho.

Wathi kuye: Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho , ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane . Wayesesuka uDebora , wahamba noBaraki , baya eKedeshi.

Kepha uHebere umKheni wayezahlukanisile namaKheni , abantwana bakwaHobabi umukhwe kaMose, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se -okini laseShananimi eliseduze neKedeshi. UBaraki uyanqoba uSisera

Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki indodana ka -Abinohama ukhuphukele entabeni yaseThabori.

USisera wayesebutha zonke izinqola zakhe , izinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi, nabantu bonke ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kube semfudlaneni iKishoni.

UDebora wathi kuBaraki: Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na? UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulun gwane eziyishumi e mva kwakhe.

UJehova wamngquzula uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngosiko lwenkemba phambi kukaBaraki ; uSisera wehlika enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.

Kepha uSisera wabaleka ngezinyawo , wafika etendeni likaJayeli umkaHebere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHasori nendlu kaHebere umKheni.

UJayeli waphuma ukumhlan gabeza uSisera, wathi kuye: Phambuka, nkosi yami; phambukela kimi , ungesabi. Waphambukela kuye etendeni , wamembesa ingubo.

Bheka, uBaraki esamxosha uSisera , uJayeli waphuma ukumhlangabeza , wathi kuye : Woza, ngikubonise omfunayo . Waya kuye ; bheka, uSisera wayelele efile, isikhonkwane sisesikhaleni sendlebe yakhe.

Wafaka isandla sakh e esikhonkwaneni, esokunene sakhe esandweni sezisebenzi; ngesando wamshaya uSisera , wadebeza ikhanda lakhe , yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.