Kepha yathi : Uma uJehova engakusizi , mina ngingatholaphi usizo na ? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini na?
Akusikho yini ukuthi alukho usizo kimi; ukusindiswa kususwa kimi.
uma ngiphakamisele intandane isandla sami, ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,
Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele , akusekele ngamandla aseSiyoni.
Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho , wathi: Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.
Uma uJehova ebengesilo usizo lwami , umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.
Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.
Usizo lwethu lusegameni likaJehova owenzile izulu nomhlaba.
Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize ; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.
Ngukuchithwa kwakho, Israyeli, ngokuba uphambene nami, usizo lwakho.
Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu , angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka,