"usolomoni"
174 occurrences in ZUL
USolomoni wayenesivini eBali Hamoni ; wasinika isivini kubaphathi ; baletha, kwaba yilowo nalowo , izinhlamvu eziyinkulungwane ze siliva ngezithelo zaso.
UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle.
UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe , wangena kuye, walala naye; wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni . UJehova wamthanda.
Hamba ungene enkosini uDavide , uthi kuyo : Wena nkosi yami , nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi : USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami , ahlale esihlalweni sami sobukhosi , na? Pho, kungani ukuba kubuse u-Adoniya na?
Wathi kuyo : Nkosi yami , wafunga uJehova uNkulunkulu wakho kuyo incekukazi yakho ngo kuthi: Ngempela uSolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi.
usehlabile izinkabi , namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi , umemile onke amadodana enkosi, no-Abiyathara umpristi, noJowabe induna yempi; kepha uSolomoni inceku yakho kammemanga.
Kodwa mina , mina nceku yakho , noSadoki umpristi , noBenaya indodana kaJehoyada, nenceku yakho uSolomoni, kasimemanga.
njengalokho ngafunga kuwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, ngathi: USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi esikhundleni sami, ngiyakwenze njalo impela namuhla.
Inkosi yathi kubo: Thathani izinceku zenkosi yenu, nimkhwelise uSolomoni indodana yami kuwo umnyuzi wami, nimehlisele eGihoni,
Njengalokho uJehova waba nenkosi yami , inkosi, makabe naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.
Base behla uSadoki umpristi , noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti , bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.
USadoki umpristi wathatha uphondo lwamafutha etendeni , wamgcoba uSolomoni. Babetha amacilongo , bonke abantu bathi : Mana njalo , nkosi Solomoni.
UJonathani waphendula , wathi ku -Adoniya: Qha, inkosi yethu , inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi;
Kwabikwa kuSolomoni ukuthi : Bheka, u-Adoniya uyayesaba inkosi uSolomoni; ngalokho ubambile izimpondo ze -altare, ethi: Inkosi uSolomoni mayifunge kimi namuhla ukuthi ayiyikubulala inceku yayo ngenkemba.
Wathi uSolomoni : Uma eyakuba yindoda enamandla , akuyikuwela emhlabathini nolulodwa unwele lwakhe , kepha uma okub i kufumaniseka kuye, uyakufa.
Yayisithumela inkosi uSolomoni , bamehlisa e -altare. Wafika, wakhuleka enkosini uSolomoni; uSolomoni wathi kuye: Hamba, uye endlini yakho.
Wayesehamba uBati Sheba, waya enkosini uSolomoni ukuba amkhulumele u-Adoniya kuyo. Inkosi yasukuma ukumhlangabeza, yamkhothamela, yahlala esihlalweni sayo sobukhosi , yambekela unina wenkosi isihlalo , wahlala ngakwesokunene sayo.
Inkosi uSolomoni yaphendula , yathi kunina : Umcelelelani u -Adoniya u- Abishagi waseShunemi na? Mcelele nombuso futhi, ngokuba ungumnewethu; yebo, mcelele yena no-Abiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya.
Inkosi uSolomoni yayisifunga uJehova ngokuthi : UNkulunkulu makenze njalo kimi , enezele futhi , uma u-Adoniya engakhulumanga leli zwi libe ngelokufa kwakhe.
USolomoni wayesemxosha u -Abiyathara, angabe esaba ngumpristi kuJehova, ukuba agcwalise izwi likaJehova alikhuluma ngendlu ka-Eli eShilo.
Inkosi uSolo moni yatshelwa ukuthi : UJowabe ubalekele etendeni likaJehova; bheka, ungase-altare. USolomoni wayesethuma uBenaya indodana kaJehoyada ngokuthi: Hamba, umsukele.
Kepha inkosi uSolomoni iyakubusiswa , nesihlalo sobukhosi sikaDavide siyakuqiniswa phambi kukaJehova kuze kube phakade.
USolomoni wahlangana ngobuhlobo noFaro inkosi yaseGibithe , wathatha indodakazi kaFaro , wayingenisa emzini kaDavide , waze waqeda ukwakha indlu yakhe, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke.
USolomoni wamthanda uJehova , wahamba ngezimiso zikaDavide uyise ; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Ukuhlaba kukaSolomoni nephupho lakhe eGibeyoni
Inkosi yaya eGibeyoni ukuhlabela khona , ngokuba kwakuyindawo ephakemeyo enkulu ; uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane e-altare lelo.
USolomoni wathi : Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso , nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe , wamgcinela futhi lowo musa omkhulu , wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi , njengokuba kunjalo namuhla.
USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJer usalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova , wanikela ngeminikelo yokushiswa , wanikela ngeminikelo yokuthula , wazenzela izinceku zakhe zonke idili. Ukuhlakanipha kukaSolomoni ekwahluleleni
USolomoni wayenezinduna eziyishumi nambili phezu kwabo bonke abakwa- Israyeli ezazifunela inkosi nabendlu yayo ukudla ; yileyo naleyo yayifuna ukudla inyanga inye ngomnyaka.
USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela , bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
USolomoni wayenezipani eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zamahhashi ezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziy ishumi nambili.
Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni , kwaba yileyo naleyo ngenyanga yayo ; kwakungasweleki lutho.
USolomoni wamnika uHiramu amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni , ukudla kwabendlu yakhe , namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo ; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.
UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokusho kwakhe kuye ; kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni ; benza isivumelwano bobabili. Ukwakhiwa kwethempeli kuyalungiswa
Inkosi uSolomoni yabiza izisebenzi kubo bonke abakwa -Israyeli; izisebenzi zaba ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu.
USolomoni wayenabathwalayo imithwalo abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa , nababazi bamatshe ezintabeni abayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili,
Indlu inkosi uSolomoni eya yakhela uJehova , ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi bayo babungezingamashumi amabili, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu.
USolomoni wayinameka indlu phakathi ngegolide elicwengekileyo , walivalela igumbi ngamaketanga egolide; walinameka nalo ngegolide.
Indlu yakhe lapho ebeyakuhlala kho na kwelinye igceke phakathi kompheme yayenziwe kanjalo . Wenzela nendodakazi kaFaro abeyithathile uSolomoni indlu eyafana nalwo mpheme.
Wayeyindodana yomfelokazi wesizwe sakwaNafetali ; uyise wayengumuntu ogcwele ukuhlakanipha, nengqondo, nokwazi ukwenza yonke imisebenzi yethusi. Wafika enkosini uSolomoni, wasebenza wonke umsebenzi wayo.
UHiramu wayenza leyo micengezi , namafosholo, nezitsha. UHiramu wayeseqeda ukwenza wonke umsebenzi abewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu:
namakhanzi, namafosholo, nezitsha; zonke lezo zinto uHiramu azenzela inkosi uSolomoni endlini kaJehova zaziyithusi eliphucuziweyo.
USolomoni waziyeka zonke izinto zingalinganiswanga ngenxa yobuningi bazo obukhulu kakhulu; nesisindo sethusi sasingenakutholwa.
USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaJehova: i-altare legolide, netafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zokubukwa,
Sekuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenzayo endlini kaJehova, uSolomoni wangenisa izinto uyise uDavide ay ezingcwelisile, isiliva, negolide, nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaJehova.
Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa -Israyeli nezinhloko zezizwe , izikhulu zawoyise babantwana bakwa -Israyeli enko sini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.
Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa -Israyeli eyayihlangene kuyo babe nayo phambi komphongolo , behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo.
USolomoni wema phambi kwe -altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,
Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nalokho kunxusa kuJehova, wasuka e-altare likaJehova ekuguqeni ngamadolo akhe , izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.
USolomoni wanikela kube ngumhlatshelo weminikelo yokuthula, owanikela ngawo kuJehova , izinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili . Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.
USolomoni wagubha -ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u -Israyeli enaye, ibandla elikhulu , kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.
Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova , nendlu yenkosi , nakho konke ukufisa kukaSolomoni ayefune ukukwenza,
Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi,
uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari nangemisayipuresi nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile.
Indaba yezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukwakha indlu kaJehova , nendlu yakhe , neMilo, nogange lwaseJerusalema , neHasori, neMegido, neGezeri inje:
nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo , nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe , nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona.
abantwana babo abasala ezweni emva kwabo , abantwana bakwa -Israyeli ababengenamandla okubaqeda , kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla.
Kodwa kubantwana bakwa -Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi , nezinceku zakhe , nezikhulu zakhe , nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.
Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu. Imikhumbi kaSolomoni
Inkosi uSolomoni yenza imikhumbi e -Esiyoni Geberi elingasecel eni kwe - Eloti ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi.
Zafika e -Ofiri, zalanda khona igolide , amatalenta angamakhulu amane namashumi amabili, zaliletha enkosini uSolomoni.
USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke . Kwakungekho nto eyayifihlelwe inkosi, engayitshelanga yona.
Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide , namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wo na yinkosikazi yaseSheba.
Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho uSolomoni ayinika khona ngokuphana kwenkosi . Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo. Ukuceba kukaSolomoni nobukhosi bakhe; ukuhlakanipha kwakhe nobukhulu bakhe
Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sisinye,
Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide , nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo , kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni.
USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi ; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizink ulungwane eziyishumi nambili owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.
Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe naseKuwe; abathengi benkosi bawamukela eKuwe ngemali yawo.
Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe kanye nendodakazi kaFaro , abangamaMowabikazi, nama-Amonikazi, nama- Edomikazi, namaSidonikazi, namaHetikazi,
abezizwe uJehova ayeshilo ngabo kwabakwa-Israyeli ukuthi: Aniyikungena kubo, nabo bangangeni kini, ngokuba impela bayakuziphambukisa izinhliziyo zenu, zize zilandele onkulunkulu babo . Kulabo uSolomoni wanamathela ngothando.
Kwathi uSolomoni esemdala , omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu ; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokuphelelyo njengenhliziyo kaDavide uyise.
USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJer usalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.
UJehova wamthukuthelela uSolomoni , ngokuba inhliziyo yakhe yayiphambukile kuJehova uNkulunkulu ka -Israyeli owayebo nakele kuye kabili,
Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha , kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo. UNkulunkulu umvusela uSolomoni izitha
UJehova wamvusela uSolomoni omelana naye , uHadadi wakwa -Edomi; wayengowozalo lwenkosi yakwa-Edomi.
Isizathu sokuba aphakamisele isandla sakhe enkosini sasiyilesi : USolomoni wayelakha iMilo, wavala isikhala emzini kaDavide uyise.
Leyo ndoda uJerobowamu yayiyiqhawe elinamandla; uSolomoni wayibona leyo nsizwa ukuthi ikhuthele emsebenzini wayo , wayibeka phezu kwawo wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.
USolomoni wayesefuna ukumbulala uJerobowamu , kepha uJerobowamu wasuka, wabalekela eGibithe kuShishaki inkosi yaseGibithe, wahlala eGibithe waze wafa uSolomoni. Ukufa kukaSolomoni
Isikhathi uSolomoni abusa ngas o eJerusalema phezu kuka -Israyeli wonke sasiyiminyaka engamashumi amane.
USolomoni wayeselala koyise , wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile -- ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalekele khona , ebalekele ubuso benkosi uSolomoni; wahlala-ke uJerobowamu eGibithe,
Izindawo eziphakem eyo ezaziphambi kweJerusalema , ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala , uSolomoni inkosi yakwa -Israyeli ayezakhele u - Ashitaroti isinengiso samaSidoni , noKemoshi isinengiso sakwaMowabi , noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.
Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi , yahlahlela zonke izinto zeg olide uSolomoni inkosi yakwa -Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova.
Izinsika zombili , nolwandle olwalulunye nje , nezinqe uSolomoni ayekwenzele indlu kaJehova , ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.
Bakhonza ngokuhlabelela phambi kwetabernakele letende lokuhlangana , uSolomoni waze wakha indlu kaJehova eJerusalema . Bema emse benzini wabo njengomthetho wabo.
EThibahati naseKhuni imizi kaHadarezeri, uDavide wathatha ithusi eliningi kakhulu uSolomoni enza ngalo ulwandle lwethusi, nezinsika nezitsha zethusi.
UDavide wathi: USolomoni in dodana yami usengumfana , usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu , ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke ; ngizakuyilungisela. Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.
UDavide wayesemdala , esanelisiwe yizinsuku ; wambeka uSolomoni indodana yakhe abe yinkosi kwa-Israyeli.
UDavide wamnika uSolomoni indodana yakhe isifanekiso sompheme nesezindlu zethempeli , nesengcebo yalo , nesamakamelo alo aphezulu , nesamakamelo alo angaphakathi, nesendlu yesihlalo somusa;
UDavide inkosi wathi kulo lonke ibandla : USolomoni indodana yami , oyedwa uNkulunkulu amkhethileyo , usengumfana, usathambile, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu kepha ngelikaJehova uNkulunkulu.
unike uSolomoni indodana yami inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, nobufakazi bakho, nezimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungiseleyo.
badla, baphuza phambi kukaJehova ngalolo suku ngokuthokoza okukhulu . Bambeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova ukuba abe ngumholi, uSadoki abe ngumpristi.
USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikaJehova njengenkosi esikhundleni sikaDavide uyise, waba nenhlanhla; wonke u-Israyeli wamlalela.
UJehova wamkhulisa uSolomoni kakhulu emehlweni abo bonke abakwa - Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungazange lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli phambi kwakhe. Ukufa kukaDavide
Wafa esemdala , esanelisiwe yizinsuku nen gcebo nodumo ; uSolomoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
USolomoni indodana kaDavide waqiniswa ebukhosini bakhe ; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamkhulisa kakhulu.
USolomoni wakhuluma kuye wonke u -Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa - Israyeli wonke, izinhloko zawoyise.
Wahamba uSolomoni, nebandla lonke linaye , waya endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni, ngokuba kwakukhona lapho itende lokuhlangana likaNkulunkulu elalenziwe nguMose inceku kaJehova ehlane.
Futhi i -altare lethusi elalenziwe nguBesaleli indodana ka -Uri kaHure lalilapho phambi kwetabernakele likaJehova ; uSolomoni nebandla baya ukubuza kulo.
USolomoni wanikela khona phambi kukaJehova e -altare lethusi elalingasetendeni lokuhlangana , wanikela ngeminikelo eyinkulungwane yokushiswa phezu kwalo.
Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu : Umenzele uDavide ubaba umusa omkhulu, wangibeka inkosi esikhundleni sakhe.
USolomoni wayesesuka endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni etendeni lokuhlangana, waya eJerusalema; wabusa phezu kuka-Israyeli.
USolomoni wabutha izinqola nabam ahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.
Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe ; abathengi benkosi bawamukela ngamadlanzi, yilelo nalelo dlanzi ngentengo yalo.
USolomoni wabala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa ukuba bathwale imithwalo , nabantu abayizinkulungwane eziyishiyagalombili ukuba babe ngababazi bamatshe ezintabeni , nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha ukubabonisa.
USolomoni wathume la kuHiramu in kosi yaseTire , wathi: Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba , wathuma kuye imisedari , azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.
USolomoni wabala bonke abezizwe ababesezweni lakwa -Israyeli ngokubalwa uDavide uyi se ayebabalile ngakho ; kwafumaniseka ukuthi babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha.
USolomoni wayeseqala ukwakha indlu kaJehova eJerusalema entabeni yaseMoriya, lapho uJehova abonakala khona kuDavide uyise , nalapho eselungisile khona endaweni kaDavide esibuyeni sika-Orinani umJebusi.
Yilesi isisekelo uSolomoni asibekela ukub a kwakhiwe indlu kaNkulunkulu : ubude ngezingalo zesilinganiso esidala babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi babuyizingalo ezingamashumi amabili.
UHiramu wenza amakhanzi, namafosholo, nezitsha. UHiramu wayeseqeda ukwenza umsebenzi abewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu:
Namakhanzi, namafosholo, nezingwegwe zenyama, nezinto zonke zalokho uHiramu Abi wakwenzela inkosi uSolomoni ngethusi elikhazimulayo kube ngokwendlu kaJehova.
USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaNkulu nkulu, kanye ne- altare legolide, namatafula okwakukhona kuwo izinkwa zokubukwa,
Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova . USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise , kanye nesiliva negolide , nazo zonke izitsha , wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu.
Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa -Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa -Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.
Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babe phambi komphongolo behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa , zingenakubalwa ngobuningi bazo.
ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu ; walimisa phakathi negceke , wema kulo , wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa -Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,
USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.
Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili . Inkosi nabo bonke abantwana bakwa -Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.
USolomoni wangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngeminikelo yokushiswa namanoni eminikelo yokuthula , ngokuba i -altare lethusi ayelenzile uSolomoni lalingenakwanela umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni.
USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu kakhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni waseGibithe.
USolomoni waqeda-ke indlu kaJehova nendlu yenkosi ; konke okwangena enhliziyweni kaSolomoni ukukwenza endlini kaJehova nasendli ni yakhe , wakuphumelelisa.
Kwathi ngasekugcineni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo indlu kaJehova nendlu yakhe,
kanye neBalati nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nayo yonke imizi yezinqola zakhe , nemizi yabamahhashi bakhe , nakho konke uSolomoni ayefisa uku kwakha eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lokubusa kwakhe.
abantwana babo abasala emva kwabo ezweni , abangaqedwanga ngabantwana bakwa-Israyeli, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi kuze kube namuhla.
Kepha kubantwana bakwa -Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila zomsebenzi wakhe , ngokuba babengamadoda empi , nabakhulu bezinduna zakhe, nezinduna zezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.
Lezo zazi yizinduna ezinkulu zenkosi uSolomoni ; zazingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, zazibusa phezu kwabantu.
USolomoni wakhuphula indodakazi kaFaro emzini kaDavide , wayiyisa endlini ayakhele yona , ngokuba wathi : Akuyikuhlala owesifazane endlini kaDavide inkosi yakwa -Israyeli, ngokuba ingcwele , lapho kufike khona umphongolo kaJehova.
Khona uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova e -altare likaJehova ayelakhe phambi kompheme
UHiramu wathuma kuye ngezandla zezinceku zakhe imikhumnbi nezinceku ezazilwazi ulwandle ; zafika nezinceku zikaSolomoni e -Ofiri, zalanda khona amatalenta angamakhulu amane namashumi ayisihlanu egolide , zawayisa enkosini uSolomoni.
Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha , negolide eliningi , namatshe ayigugu ; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.
USolomoni way iphendula ezindabeni zayo zonke ; kwakungekho nto eyayifihlelwe uSolomoni angayitshelanga yona.
Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide , namakha amaningi kakhulu , namatshe ayigugu ; awazange abe khona amakha anjengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.
Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho ebikulethele inkosi . Yayisibuya, yaya ezweni layo , yona nezinceku zayo. Ukuceba kukaSolomoni nobukhosi bakhe; ukuhlakanipha kwakhe nobukhulu bakhe
Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sinye,
Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide , nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekil eyo, isiliva lingento yalutho emihleni kaSolomoni.
USolomoni wayenezipani eziyizinkulungwane ezine zamahhashi nezinqola, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili , owababeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.
USolomoni wayeselala koyise , wembelwa emzini kaDavide uyise ; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalakele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni uJerobowamu wabuya eGibithe.
Washo kumaLevi afundisa wonke u-Israyeli, ayengcwele kuJehova, wathi: Bekani umphongolo ongcwele endlini ayakhayo uSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli; akusayikubakho mthwalo emahlombe enu ; khonzani manje uJehova uNkulunkulu wenu nabantu bakhe u-Israyeli.
Phumani nina madodakazi aseJerusalema , nibone inkosi uSolomoni , inomqhele eyawuqheliswa ngunin a ngosuku lokugcagca kway o nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.