Skip to Content

"usomandla"

25 occurrences in ZUL

U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku -Abrama, wathi kuye : NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.

UNkulunkulu uSomandla makakubusise , akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi,

UNkulunkulu wathi kuye: NginguNkulunkulu uSomandla ; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe ; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;

UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu , ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini ; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.

UJakobe wathi kuJosefa : UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa,

Wathi kubo : Ningangibizi ngokuthi uNawomi ; ngibizeni ngokuthi uMara , ngokuba uSomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu.

Ngahamba ngigcwele , uJehova ungibuyise ngize ; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?

Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe ; kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.

UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini ? USomandla uphendukezela ukulunga na?

khona, uma wena ufunisisa uNkulunkulu, unxuse kuye uSomandla,

Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na ? Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?

USomandla uyini ukuba simkhonze na? Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?

nezathi kuNkulunkulu: Suka kithina, ngokuba uSomandla ubeyakwenzani kubo na?

USomandla uyakuba yigugu lakho, nesiliva elikhazimulayo kuwe,

NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami, uSomandla ungethusile,

lapho uSomandla wabe esenami, nabantwana bami babe besangizungeza;

sengathi angaba khona ongizwayo nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla -- ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!

Impela uNkulunkulu akenzi okubi; uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.

Impela uNkulunkulu akezwa okuyize, uSomandla akayikukunakekela;

USomandla singemqonde ; mkhulu ngamandla nangokwahlulela ; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.

Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo, likhithika iqhwa eSalimoni.

Umsindo wamaphiko amakherubi wezwakala kwaze kwaba segcekeni elingaphandle njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.

Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele.

ngibe nguYihlo kini , nina nibe ngamadodan a namadodakazi kimi , isho iNkosi uSomandla.

ayakukubonakalisa ngezikhathi zakhe uSomandla obongekayo, oyedwa, iNkosi yamakhosi, uMbusi wababusi,