Wayesesuka ku-Elisha, weza enkosini yakhe ; yathi kuye: Utheni kuwe na ? Wathi: Uthe kimi uyakusinda nokusinda.
Ngokuba uJobe uthe : Ngilungile; uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami.
Ngokusho lokho ukuthi: Esisha, uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.