Skip to Content

"uthera"

7 occurrences in ZUL

UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye , wazala uThera.

UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.

Lezi ziyizizukulwane zikaThera . UThera wazala o -Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.

UHarana wafa phambi kukayise uThera ezweni lokuzalwa kwakhe , i-Uri lamaKaledi.

UThera wathatha u -Abrama indodana yakhe , noLoti indodana kaHarana , indodana yendodana yakhe , noSarayi umalokazana wakhe , umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.

Izinsuku zikaThera zaziyiminyaka engamakhulu amabili nanhlanu ; uThera wafela eHarana.

UJoshuwa wathi kubantu bonke : Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka - Israyeli, uthi: Oyihlo bahlala endulo ngaphesheya koMfula, uThera uyise ka- Abrahama noyise kaNahori, bakhonza abanye onkulunkulu.