UThimna wayeyisancinza sika -Elifazi indodana ka -Esawu; wamzalela u - Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu.
Lawa angamagama abanumzane abavela ku -Esawu ngemindeni yabo , nangezindawo zabo , nangamagama abo : ngumnumzane uThimna , nomnumzane u-Aliva, nomnumzane uJeteti,
Wafa uHadadi ; abanumzane bakwa-Edomi kwakuyilaba : umnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliya, nomnumzane uJeteti,