Skip to Content

"uthini"

13 occurrences in ZUL

AmaFilisti esezwa umsindo wokukhamuluka athi: Uthini umsindo walokhu kukhamuluka okukhulu ekamu lamaHeberu na ? Aqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu.

Lapho u -Eli ezwa umsindo wokukhala , wathi: Uthini umsindo walokhu kumemeza na? Lowo muntu washesha waya wamtshela u-Eli.

Inkosi yathi ku Siba: Uthini ngalezi zinto na ? Wathi uSiba: Izimbongolo zingezokukhwelwa ngabantu bendlu yenkosi , izinkwa nezithelo zingezokudliwa, newayini lingelokuphuzwa ngabayethileyo ehlane.

Kepha isikhonzi sakhe sathi : Uthini? Ngibeke lokhu phambi kwabantu abayikhulu na ? Wathi: Banike ukuba badle , ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Bayakudla, kusale.

Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?

Kwathi ekwahlukaneni kwawo naye uPetru wathi kuJesu : Nkosi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho , elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya; wayengazi ukuthi uthini.

Kepha uPetru wathi : Muntundini, angikwazi ukuthi uthini . Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude.

Emthethweni uMose wasiyala ngabanje ukuba bakhandwe ngamatshe . Pho, wena uthini na?

Khona baphinda bathi kuyo impumputhe : Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho, na? Yathi: Ungumprofethi.

Bathi: Kuyini lokho akushoyo ukuthi: Yisikhashana, na? Asazi ukuba uthini.

Ngokuba umbhalo uthini na ? Uthi: Kepha u -Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.

UNkulunkulu akasilahlanga isizwe sakhe ayesazi ngaphambili. Kumbe anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo -Eliya ukuba umangalela u -Israyeli kuNkulunkulu ngokuthi:

Kodwa umbhalo uthini na ? Uthi: Xosha isigqilakazi nendodana yaso , ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.