Izinsuku eziyisikh ombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.
Malijabule izulu , umhlaba uthokoze ; makuthiwe ezizweni : UJehova uyinkosi.
Khona umphefumulo wami uzakwethaba kuJehova , uthokoze ngokusindisa kwakhe.
Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.
Mawubusiswe umthombo wakho, uthokoze ngomfazi wobusha bakho.
Jabulani nina mazulu, uthokoze nawe mhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba , ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe , abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe. Isikhathi somusa
Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu.
Ungesabi, lizwe; jabula, uthokoze, ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.
Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.
Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba bhekani, ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho, usho uJehova.