"utshani"
35 occurrences in ZUL
UNkulunkulu wathi: Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo , ekuyo imbewu yayo , emhlabeni, kwaba njalo.
Umhlaba wawusuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo , nemithi ethela izithelo ngezinhlobo z ayo, ekuyo imbewu yayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
Wayesengena endlini lowo muntu , wakhumula amakamela , wapha amakamela utshani nefoliji , waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye.
Baphuma-ke abaphathi babantu nezinduna zabo , bakhuluma kubantu , bathi: UFaro usho uthi: Angisayikuninika utshani.
Hambani nina , nizifunele utshani , lapho ningabuthola khona , ngokuba imisebenzi yenu ayiyikuncishiswa ngalutho.
Abaphathi babaqhuba, bathi: Qedani imisebenzi yenu , imisebenzi yemihla ngemihla, njengasezinsukwini kusekhona utshani.
UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke , njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo . UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.
Kukhona nokho utshani nefoliji lezimbongolo zethu ; mina-ke nginesinkwa newayini, kanjalo nencekukazi yakho nensizwa enathi , izinceku zakho ; akusweleke lutho.
U-Ahabi wathi ku -Obadiya: Hamba ezwe ni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi, izilwane zingabhubhi.
Inkomo nebhere kuyakuklaba , amazinyane akho abuthise ndawonye , ingonyama idle utshani njengenkabi.
Utshani buyabuna , imbali iyavuthuluka, ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho. Impela abantu bangutshani.
Impisi iyakudla ndawonye newundlu , ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka ; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele, usho uJehova.
sokuthi uyakuxoshwa kubantu , inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle , udliswe utshani njengezinkabi , umanziswe ngamazolo ezulu , kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho , uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.
uyakuxoshwa kubantu , inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle , udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa , uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.
Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari : waxoshwa kubantu , wadliswa utshani njengezinkabi , umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe n jengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.
waxoshwa kubantwana babantu ; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu , waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu , ubeka phezu kwayo amthandayo.
Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.
Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva , uJehova owenza imibani, abesebanika izihlambi zemvula , yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.
Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla , ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?
Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla , ngomuso buphonswe eziko , kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane.
UJesu wathi : Bahlaliseni abantu . Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala phansi-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwame eziyisihlanu.
Ngokuba ilanga liphuma libalele , libunisa utshani , imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale ; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.
ngokuba, Yonke inyama injengotshani , nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani ; utshani buyabuna , nembali iyavuthuluka , kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.