Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.
Wayesethi: Hamba utsheleke izitsha ngaphandle kubo bonke abakhelwane bakho, izitsha ezingenalutho, zingabi yingcosana.