Nxa uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuba uwuthathe , awuyikuyichitha imithi ngokuyigalela ngezembe , ngokuba ungadla kuyo ; ungayigawuli, ngokuba umuthi wasendle ungumuntu yini ukuba uvinjezelwe nguwe na?
Zithathele ucwecwe lwensimbi , ulubeke lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi , uqondise ubuso bakho kuwo , wona uvinjezelwe , uvinjezelwe nguwe . Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa - Israyeli.