Skip to Content

"uya"

28 occurrences in ZUL

Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na ? Mawuhlukane nami ; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene ; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.

Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona , ngikubuyisele kuleli zwe , ngokuba angiyikukushiya , ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.

Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho , ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho muntu olifisa izwe lakho , nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.

awuyikulalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uya kulinga ukuba azi ukuthi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?

ube nesimbo ezikhalini zakho ; kuyakuthi lapho uya ngaphandle, umbe ngaso, ubuye usibekele okuphumile kuwe,

Qina kuph ela, ume isibindi kakhulu , uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami , ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.

Angikuyalile na ? Qina, ume isibindi , ungesabi, ungabi naluvalo , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.

Athi: Bheka, kukhona umkhosi kaJehova iminyaka ngeminyaka eShilo elingasenyakatho kwaseBethele ngasempumalanga komendo okhuphuka eBethele uya eShekemi nangaseningizimu kwaseLebona.

Kepha uRuthe wathi : Ungangincengi ukuba ngikushiye , ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona , ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona , ngiyakuhlala khona nami ; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.

USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha , wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehl ela phezu kukaDavide ngamandla , kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama. UDavide uya endlunkulu

UDavide wathi ku -Akhishi: Ngalokho uyakwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani. U-Akhishi wathi kuDavide : Ngalokho ngiyakukubeka ube ngumlindi wekhanda lami kuze kube nini. USawule uya konedlozi e-Eni Dori

UJehova uya kulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe , ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye , wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no- Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.

Gcina unyawo lwakho , lapho uya endlini kaNkulunkulu , ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula , ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.

Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.

Umoya uya ngaseningizimu , uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.

Uyazifunela izinto ezinkulu na ? Ungazifuni, ngokuba bheka , ngiyakwehlisela inyama yonke okubi , usho uJehova , ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.

Ngathi: Uya ngaphi? Wathi kimi: Ngiya ukulinganisa iJerusalema , ngibone ukuthi bungakanani ububanzi balo, bungakanani nobude balo.

Kwase kufika umbhali, wathi kuye: Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.

Kwathi behamba endleleni , umuntu othile wathi kuye : Ngizakukulandela, noma uya ngaphi.

Ngokuba, nxa uya enkosini nomelene nawe, ncengisisa usesendleleni ukuba ukhululeke kuye , funa mhlawumbe akuhudulele kumahluleli , umahluleli akunikele kulo iphoyisa, iphoyisa likuphonse etilongweni.

Umoya uphephetha lapha uthanda khona ; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona ; banjalo bonke abazelwe nguMoya.

AbaJuda ababesendlini naye bemkhuza , bebona uMariya esuka masinyane ephuma, bamlandela, bathi: Uya ethuneni ukuba akhale khona.

Wayesethi kubo uJesu : Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini . Hambani nise nokukhanya , ukuze ubumnyama bunganeh leli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi.

USimoni Petru wathi kuye : Nkosi, uya ngaphi na ? UJesu waphendula wathi: Lapho ngiya khona , ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.

UTomase wathi kuye : Nkosi, asazi lapho uya khona ; siyazi kanjani indlela na?

Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi : Uya ngaphi na?

Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu , futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.

Uma ekhona oyisa ekuthunjweni , uya naye ekuthunjweni ; uma ekhona obulala ngenkemba , umelwe naye ukubulawa ngenkemba . Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.