Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo , kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo ; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
Nina enithanda uJehova zondani okubi ; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi.