Skip to Content

"uyakuba"

194 occurrences in ZUL

Uma ulima umhlabathi , awusayikukunika isithelo sawo ; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.

Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku -Abrama ngombono , lithi: Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho ; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.

Uyakuba ngumuntu onjengembongolo engathanjisiwe , isandla sakhe simelane nabo bonke , nesandla sabo bonke simelane naye , ahlale ngasempumalanga kwabafowabo bonke.

Bheka, ngokwami isivumelwano sami sikuwe ; uyakuba nguyise wezizwe eziningi.

Wayesethi: Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi ; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana . USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe.

U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba.

U-Isaka wayesethuthum ela nokuthuthumela kakhulu impela , wathi: Ngubani, pho, othathe inyamazane , wayiletha kimi , ngayidla yonke ungakafiki, ngambusisa, na? Yena uyakuba ngobusisiweyo.

U-Isaka uyise waphendula, wathi kuye: Bheka, umuzi wakho uyakuba kude namanoni omhlaba namazolo ezulu avela phezulu.

ukuze ngibuyele endlini kababa ngokuthula , khona uJehova uyakuba nguNkulunkulu wami,

ULabani wayesethi kuJakobe: Lokhu ungumfowethu, ubuzakungisebenzela ngeze na? Ngitshele ukuthi umvuzo wakho uyakuba yini na?

Base bethi kuye abafowabo : Impela uyakuba yinkosi yethu , usibuse na ? Bamzonda kakhulu kunakuqala ngenxa yamaphupho akhe namazwi akhe.

Wathi: Makube kude kimi ukwenze njalo ; umuntu etholakele esandleni sakhe indebe uyakuba yisigqila sami, kepha nina manihambe kahle, nenyuke, niye kuyihlo.

Kepha uyise wa la, wathi: Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.

Wayesethi u -Israyeli kuJosefa : Bheka, mina ngiyafa , kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.

UDani uyakuba yinyoka endleleni , inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi, awe nyovane olikhweleyo.

UJehova wathi kuMose: Bheka, ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro ; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho.

Uyakuba yibhuqu ezweni lonke laseGibithe , uphenduke amathumba ayakuqhamuka nezilonda kubantu nasezinkomeni ezweni lonke laseGibithe.

Uyakuba sebunzini lika -Aroni, u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele , abantwana bakwa-Israyeli abayakuzingcwelisa, zibe yizipho zabo ezingcwele; uyakuba sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.

Lo uyakuba ngumnikelo oshiswa imihla yonke ezizukulwaneni zenu ngasemnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova , lapho ngiyakuhlangana khona nani, ngikhulume khona kuwe.

Okuseleyo komnikelo wempuphu k uyakuba ngokuka -Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova.

Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku ol uyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo , kuthotshiswe,

Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: Uma owesifazane ekhulelwa, azale umfana, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikho mbisa; njengasemihleni yokungcola ngefindo lakhe wohlala engcolile.

Kepha njalo uma kuvela kuye inyama ebomvu, uyakuba ngongcolile.

Zonke izinsuku isifo sisekuye uyakuba ngongcolile; ungcolile; uyakuhlala yedwa; indawo yokuhlala kwakhe iyakuba ngaphandle kwekamu.

Lo uyakuba ngumthetho wonochoko ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe : wolethwa kumpristi,

Ongena endlini ngezinsuku isavaliwe uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

Uma owesifazane ecucuza igazi lakhe izinsuku eziningi , zingabi ngezokungcola kwakhe, noma ecucuza kudlula isikhathi sokungcola kwakhe , zonke izinsuku zokucucuza kokungc ola kwakhe uyakuba njengasezinsukwini zokungcola kwakhe; ungcolile.

Yilowo nalowo othinta lezo zinto uyakuba ngongcolile , ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu , umthande njengalokhu uzithanda wena , ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Ngalokho uyakumngcwelisa , ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe , ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele.

umuntu othinta okunjalo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, uma engagezi umzimba wakhe ngamanzi.

Selishonile ilanga uyakuba ngohlambulukile , andukuba adle izinto ezingcwele, ngokuba ziyisinkwa sakhe.

Ngokuba uyijubili; uyakuba ngcwele kini, nidle izithelo zawo zasensimini.

Uma umuntu ethengisa ngendlu yokuhlala emzini onogange , angayihlenga ungakapheli umnyaka selokhu wathengisa n gayo, ngokuba umnyaka wonke uyakuba nelungelo lokuyihlenga.

Uyakubalisana nalowo owamthengayo , aqale ngomnyaka owazithengisa kuye ngawo , kuze kube ngumnyaka wejubili ; imali yentengiso iyakuba njengenani leminyaka; uyakuba naye njengesikhathi somqashwa.

Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye ; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.

U-Eleyazare indodana ka -Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.

Zonke izinsuku zesit hembiso sakhe sobuNaziri kungasondeli mpuco ekhanda lakhe ; uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azah lukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sibe side.

Kepha wathi: Ake ungasishiyi; njengokuba uyazi ukuthi siyakumisa kanjani ehlane, uyakuba ngamehlo ethu.

Ebandleni kuyakuba yisimiso sinye kini nakumfokazi ogogobe leyo kini , isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ; njengani uyakuba njalo umfokazi phambi kukaJehova.

Othinta isidumbu somuntu uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.

Yilowo nalowo oth inta isidumbu somuntu ofileyo , angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo ; uyakuba ngongcolile ; ukungcola kwakhe kuse kuye. Amanzi okuphothula

Nanku umthetho , uma umuntu efela etendeni : yilowo nalowo ongena etendeni nalowo osetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.

Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba , noma isidumbu, noma ithambo lomuntu , noma ithuna , uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.

Kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ; ofafaza amanzi okuphothula uyakuhlanza izingubo zakhe , nothinta amanzi okuphothula uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

Lokhu umuntu ongcolileyo akuthintayo kuyakuba ngokungcolile ; umuntu okuthintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

U-Edomi uyakuba yifa ; uSeyiri uyakuba yifa naye , owayengowezitha zakhe, u-Israyeli esenza okubuqhawe.

Umnikelo wawo wokuphuzwa uyakuba ngokwesine kwehini ngemvu inye ; endaweni engcwele uyakuthululela uJehova umnikelo wokuphuzwa wophuzo olunamandla.

Umnikelo wabo wokuphuzwa uyakuba yinxenye yehini lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini ngenqama , nokwesine kwehini ngemvu ; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke kuzo zonke izinyanga zomnyaka.

Umkhawulo wasentshonalanga uyakuba luLwandle Olukhulu , lona lube ngumkhawulo wenu wasentshonalanga.

Umqinisele namuhla uJehova ukuthi uyakuba nguNkulunkulu wakho , uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nililalele izwi lakhe;

uJehova ukuqinisele namuhla ukuthi uyakuba yisizwe senzuzo yakhe njengokukwethembisa kwakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,

Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.

Uyakuba neminqumo phakathi kwemikhawulo yakho yonke , ungazigcobi nokho ngamafutha, ngokuba izithelo zeminqumo yakho ziyakuvuthuluka.

Uyakukutsheleka wena , awuyikumtsheleka yena ; yena uyakuba yinhloko , wena ube ngumsila.

UJehova nguye ohamba phambi kwakho ; uyakuba nawe ; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.

Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku , ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama -Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo ; mhlawumbe uJehova uyakuba nami , ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.

wadlula waya e -Asimoni, waya emfuleni waseGibithe ; ukuphuma komkhawulo kwakungaselwandle ; lowo uyakuba ngumkhawulo wenu waseningizimu.

Abantu, izikhulu zakwaGileyadi , bathi omunye komunye : Ngumuphi umuntu oyakuqala ukulwa nabantwana bakwa -Amoni na ? Yena uyakuba yinhloko yabo bonke abakhe kwaGileyadi.

ngokuba bheka , uyakukhulelwa, uzale indodana , impuco ayiyikuthinta ekhanda layo , ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.

Kepha wathi kimi : Bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana ; ngakho ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla , ungadli lutho olungcolileyo , ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.

Uyakuba ngumbuyi si wokuphila kuwe , nomondli ebudaleni bakho , ngokuba umalokazana wakho okuthandayo , omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.

Athi: Uyakuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kuye na ? Bathi: Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlan u egolide njengomumo wamakhosi amaFilisti , ngokuba kuyisifo sinye esikubo bonke nakuwo amakhosi enu.

Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere , nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.

UDavide wathi: UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti . USawule wathi kuDavide: Hamba, uJehova uyakuba nawe.

Wayesethi uSawule : Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye , isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe . Ngalokho uSawule wathi kuDavide: Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.

UJonathani wathi kuDavide : Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi : U Jehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenza lo yakho kuze kube phakade . Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.

Wathi kuye : Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawul e ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka -Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.

Manje bheka , ngiyazi ukuthi uyakuba yinkosi impela , nombuso wakwa - Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.

U-Akhishi wakholwa nguDavide , wathi: Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa -Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.

Othanda injabulo uyakuba mpofu , nothanda iwayini nam afutha kayikuceba.

Uyakuba njengolele ekujuleni kolwandl e nohlezi esihlokweni sensika yomkhumbi.

Ngesikhathi esidlulileyo , uSawule eseyinkosi phezu kwethu , nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe : Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.

Wathi-ke yena : Umntwana esekhona ngazila ukudla , ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na?

Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na ? Nawe uyakuba njengomunye weziwula zakwa -Israyeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi , ngokuba ayiyikunginqabela nawe.

UDavide wathi kuye: Uma uhamba nami, uyakuba ngumthwalo kimi;

Hamba ungene enkosini uDavide , uthi kuyo : Wena nkosi yami , nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi : USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami , ahlale esihlalweni sami sobukhosi , na? Pho, kungani ukuba kubuse u-Adoniya na?

Wathi kuyo : Nkosi yami , wafunga uJehova uNkulunkulu wakho kuyo incekukazi yakho ngo kuthi: Ngempela uSolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi.

UNathani wathi : Nkosi yami , nkosi, wena ushilo yini ukuthi : U -Adoniya uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi, na?

njengalokho ngafunga kuwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, ngathi: USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi esikhundleni sami, ngiyakwenze njalo impela namuhla.

Bese nenyuka emva kwakhe , afike ahlale esihlalweni sami sobukhosi , ngokuba uyakuba yinkosi esikhundleni sami; ngimbekile ukuba abe ngumbusi phezu kuka-Israyeli noJuda.

Opha ompofu akayikuswela , kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.

kodwa yena uyakuba nesizwe sibe sinye ngenxa yenceku yami uDavide nangenxa yeJerusalema , umuzi engiwukhethileyo ezizweni zonke zakwa - Israyeli

Akhuluma kuye , athi: Uma uyakuba yinceku yalaba bantu namhla nje , ubakhonze, ubaphendule, ukhulume amazwi amahle kubo , bayakuba yizinceku zakho izinsuku zonke.

Kepha uHazayeli wathi: Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze le nto e nkulu na ? Wathi u-Elisha: UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba yinkosi e-Aramu.

Nangesikhathi esidlulileyo uSawule eseyinkosi , nguwe o wakhipha nowangenisa u -Israyeli; uJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe : Wena uyakwalusa abantu bami u -Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wabantu bami u-Israyeli.

UDavide wathi: Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna. Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko.

uyakwakhela igama lami indlu ; uyakuba yindodana yami , mina ngibe nguyise; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kwa -Israyeli kuze kube phakade.

Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo wawo.

Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye ; wenze ngobuwula kule nto , ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.

Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka -Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda , kuzo zonke izindaba zenkosi ; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.

U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa , ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.

Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo, nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.

Uma amafu egcwele imvula , ayayithulula emhlabeni ; futhi uma kuwa umuthi ngaseningizim u noma ngasenyakatho, endaweni lapho uwa khona umuthi, uyakuba lapho.

Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.

Uyakuba nokwethemba , ngokuba ithemba likhona ; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.

USomandla uyakuba yigugu lakho, nesiliva elikhazimulayo kuwe,

Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi , othela isithelo sawo ngesikhathi sawo , oqabunga lawo lingabuni , nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

Nenceku yakho iyayalwa ngayo; oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu.

Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho ; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.

Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho , abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.

ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho , agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.

Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe ; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

Okukhona kwake kwabi zwa ngegama ; kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini; akanakwahlulelana nonamandla kunaye.

Uyakuba ngokungcwele, futhi abe yitshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli, abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.

Ngokuba sizalelwa umntwana , siphiwa indodana ; umbuso uyakuba semahlombe akhe , negama lakhe liyakuthiw a uMluleki omangalisayo , uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.

Umbuso uyakuba mkhulu , ukuthula kungabi nakuphel a esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe , ukuze u qiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga , kusukela manje kuze kube phakade . Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu. Intukuthelo kaNkulunkulu ngaku-Israyeli

Ungubani wena ntaba enkulu ? Phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa ; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: Umusa, mawube kulo!

Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo ; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.

Ngalolo suku u-Israyeli uyakuba ngowesithathu kanye neGibithe ne-Asiriya, babe yisibusiso phakathi komhlaba,

Kuyakuthi ngalolo suku iTire likhohlakale iminyaka engamashumi ayisikhombisa njengezinsuku zankosinye . Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa k uyakuba khona kulo iTire njengasesihlabelelweni sesifebe:

Umhlaba uyakuba yize leze , uphangwe nokuphangwa , ngokuba uJeh ova ukhulumile izwi lakhe.

Inyanga ekhazimulayo isiyakuyangaza , nelanga elinkemuzelayo liyakujabha, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuba yinkosi entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, abe yinkazimulo phambi kwamalunga akhe.

Ngalolo suku uJehova Sebawoti uyakuba ngumqhele wobukhosi , nesicoco esihle kuyo insali yabantu bakhe,

Ngokuba umbhede uyakuba mfushan e kunokuba umuntu enabe kuwo , nengubo ibe ncane kunokuba umuntu azisonge ngayo.

Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho ; lapho elizwa, uyakuphendula.

Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo , njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.

Umsebenzi wokulunga uyakuba ngukuthula , impumelelo yokulunga i be ngukulondeka kuze kube phakade.

Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi , lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini , nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.

Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha , ningahambi ngokubaleka, ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu , noNkulunkulu ka -Israyeli uyakuba semva kwenu. Ukuhlupheka kwenceku

Uyakumiswa ngokulunga ; uyakuba kude nokucindezelwa , ngokuba awuyikwesaba, nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.

Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova , uyakuba nomusa kuye , yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.

UJehova uyakukuhola njalo , asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho ; uyakuba njengensimu eniselwey o nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.

Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini , nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukh azimula ebusuku ; uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.

Ilanga lakho alisayikushona , nenyanga yakho ayisayikuncipha , ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe , nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.

Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.

Uyakuba ngumqhele wodumo esandleni sikaJehova , neqhele lobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho.

Yini ukuba ubuhlungu bam i bube khona n jalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Uma ubuya , ngiyakukubuyisa, ume phambi kwami ; uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala , uyakuba ngumlomo wami ; laba bayakubuyela kuwe , kepha wena awuyikubuyela kubo.

Uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane , angaboni ukuthi kuyeza okuhle , uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane , ezweni likasawoti elingahlalwa muntu.

Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini , ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe luhlaza , angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu , anganqamuki ukuthela izithelo.

Umoya uyakubalusa bonke abelusi bakho , nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni , ujabhe ngabo bonke ububi bakho.

Usho kanje uJehova , uthi: Bamba izwi lakho , ungakhali, amehlo akho angabi nazinyembezi , ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo , usho uJehova, babuye ezweni lesitha.

Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela kh ona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.

U-Edomi uyakuba yisimangaliso , kumangale yilowo nalowo odlula kuye , ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.

unyoko uyakujabha kakhulu , owangizalayo ayangaze ; bheka, uyakuba ngesokugcina sezizwe, ihlane, nomhlabathi owomileyo, nogwadule.

Abayikuthatha kuw e itshe legumbi netshe lesisekelo , ngokuba uyakuba yincithakalo kuze kube phakade, usho uJehova.

Uyakuba ngukudla komlilo , igazi lakho libe phakathi kwezwe ; awusayikukhunjulwa, ngokuba mina Jehova ngikhulumile.

UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini ; niyakwenza njengakho konk e ukwenza kwakhe ; lapho kufikile lokhu , niyakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

Ngalolo suku umlomo wakho uyakuvulwa kobalekileyo; wena uyakukhuluma, ungabe usaba yisimungulu ; uyakuba yisibonakaliso kubo , bazi ukuthi nginguJehova.

Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa -Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe : uyakuba yincithakal o, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u -Edomi, yebo, wonke wakhe , bazi ukuthi nginguJehova.

Nanku umthetho wendlu: esiqongweni sentaba wonke umkhawulo wayo nxazonke uyakuba ngcwele kakhulu. Bheka, lokhu kungumthetho wendlu.

Umnikelo wokushiswa isikhulu esiyakunikela ngawo kuJehova ngosuku lwesabatha uyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici;

umnikelo wempuphu uyakuba yi -efa ngenqama, umnikelo wempuphu owamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini lamafutha nge-efa.

Emikhosini nasemihlanganweni umnikelo wempuphu uyakuba yi -efa ngenkunzi ne -efa ngenqama , ngamawundlu ube njengamandla aso , kube yihini lamafutha nge-efa.

Umkhawulo osuka elwandle uyakuba yiHasari Enani ngasemkhawulweni waseDamaseku, nasenyakatho ngasenyakatho umkhawulo uyiHamati . Lolu luluhlangothi lwasenyakatho.

Nanka amagama ezizwe . Kusukela ekugcineni kwasenyakatho eceleni kwendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eHamati naseHasari Enani , emkhawulweni waseDamaseku ngasenyakatho , eceleni kweHamati , uDani uyakuba nesabelo , abe nohlangothi lwasempumalanga kuze kube sentshonalanga.

Ngasemkhawulweni wakwaDani, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Asheri uyakuba nesabelo.

Ngasemkhawulweni wakwa -Asheri, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , uNafetali uyakuba nesabelo.

Ngasemkhawulweni wa kwaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , uManase uyakuba nesabelo.

Ngasemkhawulweni wakwaManase , kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , u-Efrayimi uyakuba nesabelo.

Ngasemkhawulweni wakwa -Efrayimi, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , uRubeni uyakuba nesabelo.

Ngasemkhawulweni wakwaRubeni , kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uJuda uyakuba nesabelo.

Umnikelo eniyakunikela ngawo kuJehova uyakuba yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi.

Nanku umnikelo ongcwele : owabapristi uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasenyakatho , nangasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi , nangasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi , nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, indlu engcwele kaJehova ibe phakathi nawo.

Uyakuba ngowabapristi , abangcwelisiweyo bamadodana kaSadoki , abagcine inkonzo yami; abadukanga lapho beduka abantwana bakwa-Israyeli, njengalokho aduka amaLevi.

Uyakuba kubo umnikelo womnikelo wezwe , into engcwelengcwele , ngasemkhawulweni wamaLevi.

Umuzi uyakuba namadlelo : ngasenyakatho ngamakhulu amabili namashumi ayisihlanu , nangaseningizimu amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasempumalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu , nangasentshonalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu.

Wonke umnikelo uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu , ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine kanye nefa lomuzi.

Izizwe eziseleyo -ke: kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uBenjamini uyakuba nesabelo.

Ngasemkhawulweni wakwaBenjamini, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , uSimeyoni uyakuba nesabelo.

Ngasemkhawulweni wakwaSimeyoni , kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , u-Isakare uyakuba nesabelo.

Ngasemkhawulweni wakwa -Isakare, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , uZebuloni uyakuba nesabelo.

Ngasemkhawulweni wakwaZebuloni , kusukela ohlangothi lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uGadi uyakuba nesabelo.

Njengalokho wabona izinyawo nezinzwani , inxenye iyibumba lombumbi , inxenye insimbi, uyakuba ngumbuso owahlukeneyo ; kepha kuyakuba kuwo amandla ensimbi, njengokuba wabona insimbi ixubene nebumba lodaka.

Njengalokho izinzwani zezinyawo zaziyinsimbi inxenye , nenxenye ibumba, umbuso uyakuba namandla nganxanye , ngakwenye inxenye ube buthakathaka.

Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma , nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?

Nokho umumo wabant wana bakwa -Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa , singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo : Anisibo abantu bami , kuthiwe kubo: Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.

Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula , umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;

Zondani okubi , nithande okuhle , nimise uk wahlulela esangweni ; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomus a kuyo insali yakwaJosefa.

Ngalokho, kuphila kwami , usho uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka - Israyeli, uthi: Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma , nabantwana bakwa- Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga , nabaseleyo be sizwe sami bayakudla ifa labo.

U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe ; inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini; abantwana babo bayakukubona, bathokoze; inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.

Ngalolo suku uJe hova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema ; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide , indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo.

UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.

Amehlo enu ayakukubona , bese nithi : U Jehova uyakuba mkhulu , kudlule nasemkhawulweni ka-Israyeli. UJehova uyadelelwa

Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo , akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo , akukubi na ? Mawusisondeze kumbusi wakho ; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na? usho uJehova Sebawoti.

Nizwile kwathiwa kwabasendulo: U ngabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.

Kepha mina ngithi kini : Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi : S ilima, uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi : S iwula, uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo.

Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa , lokhu bonke babe naye, na?

Ekuvukeni mhla bevukayo uyakuba ngumkabani kubo , lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo, na?

Yena uyakuba mkhulu , athiwe iNdodana yoPhezukonke ; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide;

uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube ph akade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.

nabo bonke abazizwayo bazigcina ezinhliziyweni zabo , bethi: Kodwa lo mntwana uyakuba yini na? Isandla seNkosi sasinaye.

Kepha thandani izitha zen u, nenze okuhle , nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.

Umfundi kaphezu komfundisi ; kepha yilowo ophelelisiwe uyakuba njengomfundisi wakhe.

Kepha nxa umenyiwe , hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba , nxa efika okumemileyo, athi kuwe: Mhlobo, yenyukela enhla; khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni.

Ngakho-ke ekuvukeni owesifazane uyakuba ngumfazi wamuphi kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo.

uMoya weqiniso , izwe elingemamukele , ngokuba lingamboni , lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini.

Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinik wanga u - Abrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa.

Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula ; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.

enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi , kwenzeni lokho ; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani. UPawulu ubonga isipho abasithumele kuye eRoma

Nxa ubeka lezo zinto kubazalwane , uyakuba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, wondliwa ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osilandeleyo;

ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto , uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu , esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.