Skip to Content

"uyakubulawa"

12 occurrences in ZUL

Wena-ke wobamise la abantu umkhawulo nxazonke , uthi: Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni , ningathinti umkhawulo wayo . Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;

Gcinani isabatha , ngokuba lingcwele kini ; yilowo nalowo olo nayo uyakubulawa nokubulawa , ngokuba osebenza umsebenzi ngalo uyakunqunywa kubantu bakubo.

Ekusukeni kwetabernakele amaLevi ayakulisusa , ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

Uyakumisa u -Aroni namadodana akhe , bagcine ubupristi babo ; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

Labo ab amisa phambi kwetabernakele ngasempumalanga , ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga , bayakuba ngoMose no - Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

Noma ubani obulala umuntu , umbulali uyakubulawa ngemilomo yawofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakazela muntu aze afe.

Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa ; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa.

Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana , nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyakubulawa ngesakhe isono.

Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho , angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.

USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi : Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.

Ngalokho, kuphila kukaJehova ongiqinisileyo , wangibeka esihlalweni sobukhosi sikaDavide ubaba , wangenza indlu njengokukhuluma kwakhe ; namhla nje uyakubulawa u-Adoniya.

Kuyakuthi obalekela inkemba kaHazayeli abulawe nguJehu ; obalekela inkemba kaJehu uyakubulawa ngu-Elisha.