Abalwa noJehov a bayakuphahlazwa; uyakuduma ezulwini phezu kwabo ; uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba , anike inkosi yakhe amandla , aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.
Manje, profetha kubo onke lawa mazwi , uthi kubo: UJehova uyakuduma ephezulu, aliphumise izwi lakh e esendaweni yakhe engcwele ; uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe , amemeze njengabanyathela iwayini kubo bonke abakhileyo emhlabeni.