Nxa usumukile kimi namuhla , uyakufumana aban tu ababili ngasethuneni likaRaheli emkhawulweni wakwaBenjamini eSelisa ; bayakuthi kuwe : Izimbongolo owawuye ukuzifuna zitholiwe ; bheka, uyihlo uyekile izimbongolo, uyenqena ngani, ethi: Ngiyakwenze njani ngomntanami na?
ukuba kucingwe encwadini yezindaba yawoyihlo ; uyakufumana encwadini yezindaba, wazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo , olimaza amakhosi namazwe, nokuthi benzile ukwambuka phakathi kwawo kwasendulo ; ngalokho lo muzi wachithwa.
Onakekela izwi uyakufumana okuhle, nowethembayo kuJehova ubusisiwe.
Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe ; ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.