Wena Solomoni , ndodana yami , yazi uNkulunkulu kayihlo , umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo , ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke , uqonda zonke izizindlo zemicabango ; uma umfuna , uyakufunyanwa nguye ; kepha uma umshiya , uyakukulahla kuze kube phakade.
waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani , uma ninaye ; uma nimfuna , uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.