Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwe yizilo , noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi , makahlanze izingubo zakhe , ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka.
Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu , nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu , akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.