Uma kubekwa phezu kwakhe ihlawulo , uyakukhokha konke okubekwa phezu kwakhe, kube yisihlengo sokuphila kwakhe.
umninimgodi uyakukhokha, amnike umniniyo imali, efileyo ibe ngeyakhe.
Uma umuntu eba inkabi noma imvu , ayihlabe, noma athengise ngayo , uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.
Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini , aziyeke nje izinkomo zakhe zize zidle ensimini yomunye , uyakukhokha nokukhokha ngokuhle kwensimu yakhe nangokuhle kwesivini sakhe.
Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.
Uma uyise ala impela ukumnika yona , uyakukhokha imali elingene nokulotsholwa kwezintombi.
Kwathi inkosi isidlula , wamemeza enkosini , wathi: Inceku yakho yaphumela phakathi kokulwa ; bheka, kwabuya umuntu owaletha kimi omunye, wathi: Linda lo muntu ; uma elahleka, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, noma uyakukhokha italenta lesiliva.