UNkulunkulu wamkh ipha eGibithe ; unjengezimpondo zenyathi kubo ; uyakuqeda izizwe , izitha zakhe , aphule amathambo azo , azigwaze ngemicibisholo yakhe.
Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli , ungakhonzi onkulunkulu bazo , ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.
Jehova, isandla sakho siphakeme , kepha kababoni ; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.
Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni.
Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena ; ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.
Nasiliva labo nago lide labo akuyikuba namandla okubophul a ngosuku lwentukuthelo lukaJehova , kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakh e, ngokuba uyakuqeda , yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.
Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe , ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba;