Ofihla iziphambeko zakhe akayi kuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa kunothopha ngolimi lwakhe.
Uyakuthola imivimbo nehlazo, nenhlamba yakhe ayiyikwesulwa.
Shaya isideleli , ongenalwazi uyakuthola ukuqonda ; sola oqondileyo , uyakuqonda ukwazi.
Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi , ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu. Ukukhukhumala kwabaseKorinte nokuhlupheka kwabaphostoli