Uyakuwanikela amakhosi azo esandleni sakho, wena uqede igama lawo phansi kwezulu ; akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho , uze uzichithe.
USawule wabuza kuNkulunkulu wathi : Ngehle ngilandele amaFilisti na ? Uyakuwanikela esandleni sakwa -Israyeli na ? Kepha akamphendulanga ngalolo suku.
UDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na ? UJehova wathi kuDavide : Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.
uDavide wabuza kuNkulunkulu , wathi: Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na ? UJehova wathi kuye : Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.