Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.
Uyakuyiphuza, uyikhame, ugedle izindengezi zayo , uklebhule amabele akho, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.