Uyakwehla phamb i kwami ukuya eGiligali ; bheka, ngiyakwehlela kuwe ukuba nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula ; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa , ngize ngifike kuwe , ngikutshele oyakukwenza.
Abantu baseKeyila bayakungikhaphela yini esandleni sakhe na ? USawule uyakwehla njengalokho inceku yakho izwile na ? Jehova Nkulunkulu ka - Israyeli, ake uyitshele inceku yakho. Wathi uJehova: Uyakwehla.